Amalungu omphakathi wamagugu esizwe kanye nomphakathi jikelele ayamenywa ukuthi akhethe abantu abazoba ngamalungu oMkhandlu weLuthuli Mnyuziyamu. Okungenani uMkhandlu uzoba namalungu ayisikhombisa azoqokwa nguNgqongqoshe wezobuCiko, amaSiko, iSayensi kanye nobuChwepheshe. Oyedwa wamalungu kufanele okungenani abe nolwazi ngezezimali.
Ulwazi olunzulu ngamagugu esizwe, ulwazi olunzulu ngezokuphatha nezezimali, ulwazi lomthetho kanye nolwazi lokumaketha nokuxhumanisa, ulwazi lokuqoqa izimali, lwezemfundo kanye nolocwaningo lobusayensi, kanjalo nokuthanda ukwenza imisebenzi yomphakathi kanye nolwazi oluthile ngomsebenzi weLuthuli Mnyuziyamu.
UNgqongqoshe uzoqoka ithimba elizokwenza uhlu lwamagama abantu abafanele kulawo magama aphakanyisiwe atholakele. Imiyalelo yethimba izoba ngeyokuqinisekisa ukuthi unyulo lokugcina lubandakanya abantu abanamazinga okufunda afanele noma ulwazi oluyikhethelo noma abanothando ezingxenyeni ezithize ezifanele, oluzolungela ukuthi umuntu abe ngomunye wamalungu, kangangoba kungenzeka. Imiyalelo yethimba ngeyokuqinisekisa futhi ukuthi unyulo lokugcina lubandakanya abantu bayo yonke imiphakathi kanye nobabo bobubili ubulili, nokuthi ukhetho jikelele lungolusezingeni eliphezulu elingatholakala.
c isitatimende esifushane esisayinwe umuntu ophakanyisiwe, lapho evuma khona ukuthi igama lakhe liphakanyiswe; kanye d namagama abantu abathathu abangatholakala uma bethintwa abamaziyo umuntu okhethiwe nabanganikeza ubufakazi ngaye.
Angeke anakwe amagama abantu abakhethiwe kodwa kungekho konke lokhu okubalwe ngenhla.
